Ubuwula nobubi babantu
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide.
1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:
“Akakho uNkulunkulu.”
Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;
akakho owenza okuhle.
2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu
ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,
ofuna uNkulunkulu.
3 Baphambukile bonke,
bonakele bonke;
akakho owenza okuhle,
akakho noyedwa.
4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,
abadla abantu bami,
njengokuba bedla isinkwa,
bangakhuleki kuJehova, na?
5 Khona besaba nokwesaba,
ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.
6 Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa,
kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.
7 Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni.
Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe
uJakobe uyakwethaba,
u-Israyeli ajabule.