AMAHUBO 15

Isimo songokaNkulunkulu

1 Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na?

Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?

2 Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,

okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

3 ongahlebi ngolimi lwakhe,

ongamoni umngane wakhe,

nongamhlazi umakhelwane wakhe;

4 obuka onengekayo ngokuzakumenyanya,

kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu;

ofunga ngokuzakumlimaza,

nokho angalaphuli izwi lakhe;

5 ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale,

nongamukeli umvuzo ngongenacala;

owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.