Ukubonga kosindisiweyo ekufeni
Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide.
1 Ngiyakuphakamisa, Jehova,
ngokuba ungikhuphulile;
awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
2 Jehova Nkulunkulu wami,
ngakhala kuwe, wangiphilisa.
3 Jehova,
umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,
wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.
4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,
nibonge igama lakhe elingcwele.
5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.
6 Mina ngithe ekubuseni kwami:
Angisoze nganyakaziswa naphakade.
7 Jehova,
ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;
wabufihla ubuso bakho,
ngase ngithuthumela.
8 Ngakhala kuwe Jehova;
nganxusa kuJehova, ngathi:
9 “Kukhona nzuzoni egazini lami
nasekushoneni kwami egebeni na?
Uthuli luzakukudumisa yini,
lushumayele iqiniso lakho, na?
10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;
Jehova, yiba ngumsizi wami.”
11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;
wangikhumula izingubo zami zokulila,
wangembathisa ukujabula,
12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;
Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.