Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa
Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.
1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,
ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;
isandla sakho singicindezele kanzima.
3 Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;
akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;
njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
5 Izilonda zami ziyanuka,
zichicha ubovu
ngenxa yobuwula bami.
6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;
usuku lonke ngihamba ngilila.
7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;
akukho ukuphila enyameni yami.
8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;
ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;
amandla ami angishiyile,
ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
11 Abathandekayo bami nabahlobo bami
bemi kude nokuhlupheka kwami;
abakwethu bemi kude laphaya.
12 Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;
abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,
bazindla inkohliso usuku lonke.
13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;
nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.
14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;
akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
15 Ngokuba ngithemba wena Jehova;
wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
16 Ngokuba ngithe:
“Funa bajabule ngami,
ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”
17 Ngokuba ngiseduze kokuwa,
nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami;
ngiyadabuka ngesono sami.
19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;
baningi abangizonda ngeze.
20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,
ngokuba ngilandela okulungileyo.
21 Ungangishiyi, Jehova;
Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
22 Phuthuma, ungisize,
Nkosi, nsindiso yami.