AMAHUBO 42

Ukulangazelela uNkulunkulu nendlu yakhe

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* lamadodana kaKora.

1 Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,

kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.

2 Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,

uNkulunkulu ophilayo;

ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?

3 Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,

ngokuba usuku lonke bathi kimi:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

4 Ngiyakukhumbula lokhu,

ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,

njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu

ngenhlokomo yokwethaba nokubonga,

ibandla ligubha umkhosi.

5 Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

Methembe uNkulunkulu,

ngokuba ngisezakumdumisa

ngokusindisa kobuso bakhe.

6 Nkulunkulu wami,

umphefumulo wami udangele phakathi kwami;

ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani,

nakwelamaHermoni,

nasentabeni yaseMisari.

7 Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho;

onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.

8 Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;

ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,

ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

9 Ngizakuthi kuNkulunkulu,

iDwala lami:

“Ungikhohlweleni na?

Ngihambelani ngilila,

ngicindezelwe yisitha, na?”

10 Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,

nxa izitha zami zingiklolodela,

zithi kimi usuku lonke:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

11 Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

Methembe uNkulunkulu,

ngokuba ngisezakumdumisa yena

oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.