Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso
Ihubo lika-Asafa.
1 UNkulunkulu uMninimandla onke,
uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba
kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.
2 ESiyoni eliphelele ebuhleni
uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.
3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;
umlilo udla phambi kwakhe;
uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.
4 Ubiza izulu ngaphezulu
kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:
5 “Buthelani kimi abangcwele bami
abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”
6 Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,
ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli.Sela*
7 “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;
Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:
NginguNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho.
8 Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;
iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.
9 Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho
nampongo ezibayeni zakho.
10 Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,
nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.
11 Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,
nezilwane zasendle zaziwa yimi.
12 Uma bengilambile,
bengingekutshele wena,
ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.
13 Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,
ngiphuze igazi lezimpongo, na?
14 Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,
uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;
15 ngibize ngosuku lwenhlupheko;
ngiyakukukhulula,
wena uyakungidumisa.”
16 Kepha komubi uNkulunkulu uthi:
“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,
uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,
17 ingani uyazonda ukuqondiswa,
amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?
18 Uma ubona isela, uvumelana nalo;
neziphingi uhlanganyela nazo.
19 Umlomo wakho uwuyekela ebubini;
ulimi lwakho luqamba inkohliso.
20 Uhlala uhleba umfowenu;
unyevuza indodana kanyoko.
21 Lokho ukwenzile, ngathula;
ushaye sengathi nginjengawe;
ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.
22 “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,
funa nginidwengule,
kungabikho osindisayo.
23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;
oqaphela indlela yakhe
ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”