AMAHUBO 61

Ukucelela inkosi isibusiso

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.

1 Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,

ulalele umkhuleko wami.

2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,

lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;

ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami,

inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;

ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho.Sela*

5 Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,

wabanika ifa abalesaba igama lakho.

6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;

iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.

7 Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;

yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.

8 Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,

ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.