Ukucelela inkosi isibusiso
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.
1 Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,
ulalele umkhuleko wami.
2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,
lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;
ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami,
inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;
ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho.Sela*
5 Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,
wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;
iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7 Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;
yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8 Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,
ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.