AMAHUBO 62

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1 Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;

insindiso yami ivela kuye.

2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;

angiyikunyakaziswa kakhulu.

3 Koze kube nini nisukela umuntu

ukuba nimbulale nonke

njengodonga olwengemeyo

nothango oludilikayo na?

4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,

bathanda amanga;

bayabusisa ngomlomo wabo,

kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa.Sela*

5 Mphefumulo wami,

zithulisele kuNkulunkulu kuphela,

ngokuba ithemba lami livela kuye.

6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,

inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;

idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,

nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;

uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.Sela*

9 Abantwana babantu bangumoya nje,

abantwana bezikhulu bangamanga;

esilinganisweni bayakhuphuka,

balula kunomoya bonke.

10 Maningakwethembi ukuqhwaga,

ningazigabisi ngokuphangiweyo;

uma imfuyo yanda,

ningayibeki inhliziyo kuyo.

11 UNkulunkulu ukhulumile kanye,

ngikuzwe kabili

ukuthi amandla angakaNkulunkulu.

12 Nomusa ungowakho, Nkosi;

ngokuba wena umphindisela umuntu

njengokwenza kwakhe.