AMAHUBO 63

Ukulangazelela uNkulunkulu

Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda.

1 Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,

ngiyakufuna ekuseni;

umphefumulo wami womele wena;

inyama yami ilangazelela wena

ezweni elomileyo eligagadekileyo,

lapho amanzi engekho khona.

2 Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,

ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;

izindebe zami ziyakukudumisa.

4 Ngiyakukubonga ngisaphila;

ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;

umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami,

ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7 Ngokuba ungisizile;

ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe;

esokunene sakho siyangiphasa.

9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala

bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10 Bayakunikelwa esandleni senkemba,

babe yisabelo sezimpungushe.

11 Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu;

bonke abafunga yena bayakuzibonga;

ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.