Umkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.
1 Yizwa, Nkulunkulu,
izwi lami ekukhaleni kwami,
ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.
2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,
3 abalola ulimi lwabo njengenkemba,
bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo
4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha,
bamdubule ngokuzuma bengesabi.
5 Baqinela icebo elibi;
bakhuluma ngokufihla izingibe;
bathi: “Ngubani oyakusibona na?”
6 Basongoza izenzo ezimbi,
bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,”
izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo;
bagwazwe ngokuzunywa.
8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo;
bonke abababonayo bayonikina ikhanda.
9 Bonke abantu bayashaywa luvalo;
bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu,
baqonde akwenzileyo.
10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye;
bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.