AMAHUBO 66

Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,

nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi:

“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.

Ngenxa yobukhulu bamandla akho

izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;

bayakuhubela igama lakho.”Sela*

5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;

uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;

bawela umfula ngezinyawo;

lapho sathokoza kuye.

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;

amehlo akhe ayahlozinga izizwe;

abanenkani mabangaziphakamisi.Sela*

8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,

nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,

engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,

wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11 Wasingenisa enetheni;

wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;

sangena emlilweni nasemanzini;

kepha wasikhiphela ekubuseni.

13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;

ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14 ezaphinyiselwa yizindebe zami,

zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo

kanye nephunga lezinqama;

ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo.Sela*

16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;

ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17 Ngakhala kuye ngomlomo wami;

ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,

ibingayikungizwa iNkosi.

19 Ngempela uNkulunkulu uzwile,

walalela izwi lomkhuleko wami.

20 Makabongwe uNkulunkulu

ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.