Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.
1 Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
2 Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,
nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi:
“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.
Ngenxa yobukhulu bamandla akho
izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
4 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;
bayakuhubela igama lakho.”Sela*
5 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;
uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
6 Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;
bawela umfula ngezinyawo;
lapho sathokoza kuye.
7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;
amehlo akhe ayahlozinga izizwe;
abanenkani mabangaziphakamisi.Sela*
8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,
nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
9 ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,
engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
10 Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,
wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.
11 Wasingenisa enetheni;
wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
12 Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;
sangena emlilweni nasemanzini;
kepha wasikhiphela ekubuseni.
13 Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;
ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
14 ezaphinyiselwa yizindebe zami,
zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
15 Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo
kanye nephunga lezinqama;
ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo.Sela*
16 Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;
ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
17 Ngakhala kuye ngomlomo wami;
ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,
ibingayikungizwa iNkosi.
19 Ngempela uNkulunkulu uzwile,
walalela izwi lomkhuleko wami.
20 Makabongwe uNkulunkulu
ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.