Umkhuleko wocela ukusizwa
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Elokukhumbuza.
1 Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule.
Jehova, phuthuma ungisize.
2 Mabajabhe, bayangaze
abafuna umphefumulo wami.
Mababuyiselwe emuva,
bajabhiswe abangifisela umonakalo.
3 Abathi ashila, ashila mababuyele emuva
ngenxa yokuhlazeka kwabo.
4 Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;
abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi:
“Makabe mkhulu uNkulunkulu.”
5 Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu;
Nkulunkulu, ngiphuthumele.
Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami;
Jehova, ungalibali.