AMAHUBO 76

UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululi

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama.

1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,

igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2 Itabernakele* lakhe liseSalema,

nendlu yakhe iseSiyoni.

3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,

nesihlangu, nenkemba, nempi.Sela*

4 Uyakhazimula ngobukhosi,

lapho uvela ezintabeni zempango.

5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,

balele ubuthongo babo;

amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

6 Ngokusola kwakho,

Nkulunkulu kaJakobe,

kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

7 Wena, yebo, wena uyesabeka;

ngubani ongema ebusweni bakho

ngesikhathi solaka lwakho na?

8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;

umhlaba wesaba, wathula

9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,

asindise bonke abathobekileyo bomhlaba.Sela*

10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;

insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.

Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

12 Uyanquma umoya wezikhulu,

wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.