AMAHUBO 77

UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.

1 Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,

ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;

ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;

umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;

ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla.Sela*

4 Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;

ngikhathazekile,

angisakwazi ukukhuluma.

5 Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,

ngeminyaka yaphakade.

6 Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,

ngizindla enhliziyweni yami;

nomoya wami uyahlolisisa.

7 INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?

Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

8 Umusa wayo unqamukile njalo yini na?

Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

9 UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?

Uvalele ububele bakhe ngolaka na?Sela*

10 Ngase ngithi:

“Yilokhu ukuhlupheka kwami,

ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”

11 Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,

yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

12 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,

ngizindle ngezenzo zakho.

13 Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;

ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;

amandla akho uwazisile ezizweni.

15 Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,

amadodana kaJakobe noJosefa.Sela*

16 Amanzi akubona, Nkulunkulu,

amanzi akubona, athuthumela,

nezintwa zazamazama.

17 Amafu athela amanzi,

izulu laduma,

imicibisholo yakho yaphuma.

18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;

imibani yakhanyisa izwe;

umhlaba wadikizela, wazamazama.

19 Indlela yakho yayiselwandle,

nomendo wakho wawusemanzini amaningi,

kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

20 Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.