Isizwe sikaNkulunkulu sicelelwa isibusiso esisha
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo.
1 Jehova, wabusisa izwe lakho,
wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.
2 Wasusa icala labantu bakho,
wasibekela zonke izono zabo.Sela*
3 Wamukisa yonke intukuthelo yakho,
waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ulahle ukusicanukela kwakho.
5 Uyakusithukuthelela njalonjalo na?
Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
6 Awuzukusivusa, sibuye siphile,
ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?
7 Sitshengise umusa wakho, Jehova,
usiphe insindiso yakho.
8 Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma;
uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe
nakubo abamesabayo;
mabangabuyeli ebuwuleni.
9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo,
ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.
10 Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,
kwangane ukulunga nokuthula.
11 Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni,
kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.
12 Yebo, uJehova uyakuveza okuhle;
izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.
13 Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe,
kwenzele izinyawo zakhe indlela.