AMAHUBO 88

Ukukhala kosengozini yokufa

Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti.* IMaskili* likaHemani umEzra.

1 Jehova Nkulunkulu wensindiso yami,

ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2 Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho,

indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3 Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi,

ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini,

nginjengomuntu ofileyo.

5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo;

nginjengababuleweyo abalele ethuneni,

ongasabakhumbuli,

benqunyiwe esandleni sakho.

6 Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,

ebumnyameni, otweni.

7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;

amadlambi akho onke ayangicindezela phansi.Sela*

8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,

wangenza ngibe yisinengiso kubo;

ngivalelwe, ngingephume.

9 Iso lami liyafa ngosizi;

ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,

ngizelulela izandla zami kuwe.

10 Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?

Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na?Sela*

11 Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho,

nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni,

nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

13 Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe;

ekuseni umkhuleko wami uyenyuka

phambi kwakho.

14 Jehova, ulahlelani umphefumulo wami,

ungifihlelelani ubuso bakho na?

15 Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami;

ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.

16 Ulaka lwakho olushisayo lungehlele;

ukwesabisa kwakho kungiqedile.

17 Kungizungeza njengamanzi imihla yonke,

kungikaka kanyekanye.

18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude;

ubumnyama bungumhlobo wami.