AMAHUBO 111

Izenzo ezinhle zikaJehova kubo abantu besivumelwano sakhe

1 Haleluya!

Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke

emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

2 Mikhulu imisebenzi kaJehova,

iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo,

nokulunga kwakhe kumi phakade.

4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo;

uJehova unomusa nobubele.

5 Abamesabayo ubapha ukudla;

ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

6 Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe

ngokubapha ifa labezizwe.

7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela;

imithetho yonke yakhe iqinile;

8 imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.

9 Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa;

uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade;

lingcwele, liyesabeka igama lakhe.

10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;

banengqondo enhle bonke abakwenzayo.

Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.