Izenzo ezinhle zikaJehova kubo abantu besivumelwano sakhe
1 Haleluya!
Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke
emhlanganweni nasebandleni labaqotho.
2 Mikhulu imisebenzi kaJehova,
iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.
3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo,
nokulunga kwakhe kumi phakade.
4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo;
uJehova unomusa nobubele.
5 Abamesabayo ubapha ukudla;
ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.
6 Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe
ngokubapha ifa labezizwe.
7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela;
imithetho yonke yakhe iqinile;
8 imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.
9 Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa;
uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade;
lingcwele, liyesabeka igama lakhe.
10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.