Ukukhishwa okumangalisayo kuka-Israyeli eGibithe
1 Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,
indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,
u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka,
iJordani labuyiselwa emuva.
4 Izintaba zatshekula njengezinqama,
amagquma njengamawundlu.
5 Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,
nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,
6 nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama,
nani magquma eninjengamawundlu, na?
7 Thuthumela, mhlaba,
ebusweni beNkosi,
ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
8 yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi,
insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.