AMAHUBO 123

Umkhuleko wocela ukusizwa ezidelelini

Igama lokukhuphuka.

1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami,

wena ohlezi ezulwini.

2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo,

namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo,

kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu,

aze abe nomusa kithi.

3 Sihawukele, Jehova sihawukele,

ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.

4 Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu

ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.