AMAHUBO 125

UJehova uyalondoloza u-Israyeli

Igama lokukhuphuka.

1 Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni

engenakunyakaziswa kepha imi phakade.

2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema,

kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.

3 Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo,

funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.

4 Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo

nabaqotho ezinhliziyweni zabo.

5 Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge

uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi.

Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.