AMAHUBO 127

Zonke izibusiso zivela kuJehova

Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni.

1 Uma uJehova engayakhi indlu,

basebenzela ize abayakhayo;

uma uJehova engalondolozi umuzi,

umlindi wawo ulindela ize.

2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,

nephuze ukuphumula,

nidle isinkwa sezinhlupheko,

ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,

isithelo sesisu singumvuzo.

4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe

banjalo abantwana bobusha.

5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;

abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.