AMAHUBO 130

Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa

Igama lokukhuphuka.

1 Ngikhala kuwe Jehova

ngisotweni phansi.

2 Nkosi, yizwa izwi lami;

izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,

Nkosi, ngubani ongema na?

4 Kepha ukuthethelela kukuwe,

ukuze wesatshwe.

5 Ngiyalindela uJehova,

umphefumulo wami uyalinda;

ngiyalethemba izwi lakhe.

6 Umphefumulo wami uyalindela iNkosi

kunabalindi belindela ukusa.

7 U-Israyeli makamethembe uJehova,

ngokuba umusa ukuJehova,

nokukhulula okuningi kukuye.

8 Uyakumhlenga u-Israyeli

eziphambekweni zakhe zonke.