AMAHUBO 133

Isibusiso esisekuhlanganeni kwabazalwane

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka

ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

2 Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini,

isilevu sika-Aroni,

ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.

3 Kufana namazolo aseHermoni

ehlela ezintabeni zaseSiyoni.

Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso,

yebo, ukuphila kuze kube phakade.