AMAHUBO 135

Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1 Haleluya!

Dumisani igama likaJehova;

mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2 enimi endlini kaJehova

emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3 Dumisani uJehova,

ngokuba uJehova muhle;

hubelani igama lakhe,

ngokuba limnandi.

4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,

no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu

nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza

ezulwini nasemhlabeni,

emanzini nasezinzulwini zonke.

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,

wenza imibani kube yimvula;

ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8 Washaya amazibulo aseGibithe,

awabantu kanye nawezilwane.

9 Wathuma izibonakaliso nezimangaliso

phakathi kwakho, Gibithe,

phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10 Washaya izizwe ezinkulu,

wabulala amakhosi anamandla:

11 uSihoni inkosi yama-Amori,

no-Ogi inkosi yaseBashani,

nemibuso yonke yaseKhanani.

12 Wanika izwe labo laba yifa,

laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13 Jehova, igama lakho limi phakade;

isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,

ahawukele izinceku zakhe.

15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa,

nomoya awukho emlonyeni wazo.

18 Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

19 Wena ndlu ka-Israyeli,

mbonge uJehova;

wena ndlu ka-Aroni,

mbonge uJehova.

20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;

nina enimesabayo uJehova,

mbongeni uJehova.

21 UJehova makabongwe eSiyoni,

yena owakhe eJerusalema.

Haleluya!