AMAHUBO 137

Ngasemifuleni yaseBabele

1 Ngasemifuleni yaseBabele

sahlala khona, sakhala,

lapho sikhumbula iSiyoni.

2 Amahabhu* ethu sawaphanyeka

eminyezaneni ephakathi kwalo.

3 Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama,

nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi:

“Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

4 Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova

kwelinye izwe na?

5 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,

masizikhohlwe isandla sami sokunene.

6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,

uma ngingakukhumbuli,

uma ngingaphakamisi iJerusalema

phezu kwentokozo yami enkulu.

7 Khumbula, Jehova,

usuku lweJerusalema,

ngenxa yabantwana bakwa-Edomi

abathi: “Dilizani, dilizani,

kuze kube sesisekelweni salo.”

8 Ndodakazi yaseBabele,

wena oyakubhujiswa,

ubusisiwe oyakuphindisela kuwe

izenzo zakho owazenza kithina.

9 Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho,

abaphahlaze edwaleni.