Umkhuleko wocela ukusizwa ezilingweni nasezitheni
Ihubo likaDavide.
1 Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;
lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,
nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3 Jehova, bekela umlomo wami umlindi,
ugcine umnyango wezindebe zami.
4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi
ukuba ngenze imisebenzi yobubi
kanye nabantu abenza okubi,
ngingadli izibilebile zabo.
5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;
angisole, kungamafutha ekhanda;
ikhanda lami malingawenqabi,
ngokuba nasebubini babo umkhuleko
wami uyobe usekhona.
6 Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;
bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7 Njengalokhu umuntu elima,
eklaya umhlabathi,
amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8 Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;
ngiyakwethemba wena;
ungathululi umphefumulo wami.
9 Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,
nasezihibeni zabenza okubi.
10 Ababi mabawele emanetheni abo,
mina ngidlule kuwo.