AMAHUBO 149

Dumisani uJehova

1 Haleluya!

Hlabelelani kuJehova igama elisha,

indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.

2 U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo,

abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.

3 Mabadumise igama lakhe ngokusina,

bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

4 Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;

abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

5 Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,

6 Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo,

nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,

7 ukuba benze impindiselo kubo abezizwe

nezijeziso kubantu,

8 babophe amakhosi abo ngamaketanga

nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,

9 bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo;

kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe.

Haleluya!