IZAGA 21

1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;

uyayiphendulela lapho ethanda khona.

2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,

kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

3 Ukwenza ukulunga nokwahlulela

kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

4 Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,

isibani sababi, kuyisono.

5 Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,

kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

6 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga

kuyize elizulazuliswa,

nezingibe zokufa.

7 Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,

ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.

8 Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,

kepha ohlanzekileyo,

isenzo sakhe silungile.

9 Kungcono ukuhlala egumbini lophahla

kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

10 Umphefumulo womubi ufisa okubi;

umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.

11 Lapho isideleli sihlawuliswa,

ongenalwazi uyahlakanipha,

nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,

uyathola ukwazi.

12 Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;

ababi bayachithelwa ebubini.

13 Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu

naye uyakukhala angaphendulwa.

14 Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,

nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15 Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,

kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

16 Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha

uyakuphumula ebandleni lezithunzi.

17 Othanda injabulo uyakuba mpofu,

nothanda iwayini namafutha kayikuceba.

18 Omubi uyihlawulo lolungileyo,

nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.

19 Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane

kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.

20 Kukhona ingcebo enxanelekayo

namafutha endlini yohlakaniphileyo,

kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

21 Olandela ukulunga nomusa

uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,

awise phansi inqaba ayethembayo wona.

23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe

ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

24 Ozidlayo nozigabisayo,

yisideleli igama lakhe,

yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.

25 Isifiso sevila siyalibulala,

ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,

kepha olungileyo uyaphana engancishi.

27 Umhlatshelo wababi uyisinengiso;

kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

28 Ufakazi wamanga uyabhujiswa,

kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.

29 Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,

kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.

30 Akukho ukuhlakanipha,

akukho ukuqonda,

nesiluleko, okungamelana noJehova.

31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,

kepha ukusindiswa kungokukaJehova.