IZAGA 31

Amazwi kaLemuweli

1 Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.

2 “Yini, ndodana yami,

yini, ndodana yesizalo sami,

yini, ndodana yezithembiso zami, na?

3 Unganiki abesifazane amandla akho,

nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.

4 “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli,

akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini,

nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

5 funa baphuze, bakhohlwe izimiso,

baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.

6 Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla

nomunyu enhliziyweni iwayini.

7 Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe,

angabe esakhumbula usizi lwakhe.

8 “Sivulele isimungulu umlomo wakho,

umele bonke abantwana abayizintandane.

9 Vula umlomo wakho,

wahlulele ngokulunga,

umele abahluphekayo nabampofu.”

Ukudunyiswa kowesifazane okhutheleyo

10 Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?

Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*

11 Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;

ayiyikuswela inzuzo.

12 Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,

zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13 Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*

usebenza ngezandla ezivumayo.

14 Unjengemikhumbi yabathengi;

ulanda kude ukudla kwakhe.

15 Uyavuka kuse sebusuku,

aphe abendlu yakhe ukudla

namantombazana akhe imisebenzi yawo.

16 Ucabanga ngensimu, ayithenge;

ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17 Uyabhinca okhalweni amandla;

uyaqinisa izingalo zakhe.

18 Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;

isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19 Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,

neminwe yakhe ibamba insimbi.

20 Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,

yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

21 Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;

ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

22 Uyazenzela izindwangu ezimbozayo;

izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.

23 Indoda yakhe iyaziwa emasangweni,

lapho ihlezi namalunga ezwe.

24 Wenza izingubo zelineni,

athengise ngazo,

anikele kubathengi amabhande.*

25 Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe;

uhleka usuku oluzayo.

26 Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha,

nomthetho womusa usolimini lwakhe.

27 Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe,

akadli isinkwa sobuvila.

28 Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise;

nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:

29 “Baningi abafazi abakhutheleyo,

kepha wena ubadlula bonke.”

30 Ubuhle buyinkohliso,

nokubukeka kuyize,

kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

31 Muphe ezithelweni zezandla zakhe,

izenzo zakhe zimdumise emasangweni.