1 Ebusuku embhedeni wami
ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kepha angimtholanga.
2 Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,
ezitaladini nasezigcawini;
ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kepha angimtholanga.
3 Abalindi bangifumana
behambahamba emzini:
“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngangidlule kancane nje kubo;
ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;
ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,
ngaze ngamngenisa endlini kamame
nasekamelweni lowangikhulisayo.
5 Ngiyanifungisa,
madodakazi aseJerusalema,
ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle
ukuba ningalunyakazisi,
ningaluvusi uthando,
lungakavumi.
Udwendwe lomthimba
6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,
eqhole ngemure* nangenhlaka,
nangawo onke amakha omthengi, na?
7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni!
Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile
emaqhaweni akwa-Israyeli.
8 Onke aphethe izinkemba,
afundile ukulwa;
yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe
ngokwesaba ebusuku.
9 Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.
10 Yenza izinsika zalo ngesiliva,
nephansi lalo ngegolide,
nesihlalo salo ngokububende,
ubuphakathi balo bugandaywe ngothando
lwamadodakazi aseJerusalema.
11 Phumani nina madodakazi aseJerusalema,
nibone inkosi uSolomoni,
inomqhele eyawuqheliswa ngunina
ngosuku lokugcagca kwayo
nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.