U-ISAYA 2

Intaba yendlu kaJehova

1 Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo

intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,

iphakame kunamagquma,

nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3 Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:

“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova

endlini kaNkulunkulu kaJakobe;

uyakusifundisa izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,”

ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,

nezwi likaJehova eJerusalema.

4 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,

anqume phakathi kwabantu abaningi;

bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,

nemikhonto yabo ibe ngocelemba;

isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,

zingabe zisafunda ukulwa.

5 Wena ndlu kaJakobe,

woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

Usuku lukaJehova

6 Ngokuba ushiyile abantu bakho,

indlu kaJakobe,

lokhu begcwele ezasempumalanga,

behlola imihlola njengamaFilisti,

bexhawulana nabantwana babezizwe.

7 Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,

akukho ukuphela kwengcebo yabo;

izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,

nokuphela kwezinqola akukho.

8 Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe;

bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo

nakwekwenzileyo iminwe yabo.

9 Kepha abantu bayakufoliswa,

namadoda ayakuthotshiswa;

abayikuthethelelwa.

10 Ngena edwaleni, ucashe othulini

ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

11 Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,

nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,

kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

12 Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba

phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo,

naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,

13 naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,

emide nephakemeyo,

naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,

14 naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,

naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15 naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,

naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16 naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,

naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

17 Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa,

nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa,

kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,

18 ziphele izithombe, zithi nya.

19 Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba

ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe,

lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

20 Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo

amavukuzi nakuwo amalulwane

izithombe zabo zesiliva

nezithombe zabo zegolide,

abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

21 ukuze bangene emihumeni yamadwala

nasemifantwini yeziwa

ngokwesabeka kukaJehova

nangodumo lobukhosi bakhe,

lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

22 Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje,

ngokuba babalwa njengantoni na?