U-ISAYA 10

1 Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,

nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,

2 ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,

nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,

ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,

baqhwage izintandane.

3 Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa

nasekuchithakaleni okuvela kude na?

Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?

Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

4 Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,

niyakuwa phakathi kwababuleweyo;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

I-Asiriya liyalahlwa

5 “Wo kulo i-Asiriya,

intonga yentukuthelo yami,

nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.

6 Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,

ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami

ukuba liphange impango, liqhwage,

libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.

7 Nokho akusiwo umqondo walo,

inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,

kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha

nokunquma izizwe ezingeyingcosana.

8 Ngokuba lithi:

‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?

9 IKalino alinjengeKharikemishi na?

IHamati alinjenge-Aripadi na?

ISamariya alinjengeDamaseku na?

10 Njengalokhu isandla sami

siyitholile imibuso yezithombe

ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula

eyaseJerusalema neyaseSamariya,

11 anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,

njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”

12 Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.

13 Ngokuba uthi:

“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,

nangokuhlakanipha kwami,

ngokuba nginokuqonda;

ngisusile imikhawulo yezizwe,

ngiphangile ingcebo yazo,

njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

14 Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,

nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo

ngibuthile wonke umhlaba,

akwababikho oshaya phiko,

novula mlomo, notshiyozayo.”

15 Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?

Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,

njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,

nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?

16 Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma

ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,

nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa

njengokushisa komlilo.

17 Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,

oNgcwele wakhe abe yilangabi;

kuyakushisa kuqede ameva akhe

namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

18 Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,

umzimba nomphefumulo,

kube njengesiguli esinyamalalayo.

19 Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,

ukuze ibhalwe ngumntwana.

20 Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli

nabasindileyo bendlu kaJakobe

bangasenciki kobashayileyo,

kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

21 Insali iyakubuya, insali kaJakobe,

ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

22 Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,

bengangesihlabathi solwandle,

kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;

ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

23 Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti

iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo

phakathi kwawo wonke umhlaba.

24 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:

“We bantu bami, enakhe eSiyoni,

ningalesabi i-Asiriya,

lapho likushaya ngentonga yalo,

liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

25 Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje

kuze kuphele ukufutheka kwami,

intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”

26 UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu

njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,

nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,

ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.

27 Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo

ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.

Liyakhuphuka eRimoni,

28 liyeza e-Ayati,

lidlula eMigroni;

lethula impahla yalo eMikimashi;

29 badlula esikhaleni,

ebusuku bahlala eGeba;

iRama liyaqhaqhazela,

iGibeya likaSawule liyabaleka.

30 Zamuluka ngezwi lakho,

ndodakazi yaseGalimi;

qaphela, Layishi,

yiphendule, Anathoti.

31 IMadimena selibalekile,

abakhileyo eGebimi bathutha impahla.

32 Namhla nje liyema ngaseNobi,

linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni,

intaba yaseJerusalema.

33 Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti

iyanquma amagatsha ngokwesabekayo,

kugawulwe abaphakemeyo,

nabazikhukhumezayo behliswe.

34 Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi,

neLebanoni liyawa ngoNamandla.