UNUMERI 26

Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1 Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3 OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4 “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5 URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:

kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;

kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6 kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;

kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7 Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8 Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9 Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11 Kepha amadodana kaKora awafanga.

12 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:

kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;

kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;

kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13 kwaZera: ngumndeni wakwaZera;

kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14 Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15 Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:

kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;

kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;

kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16 kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;

kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17 kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;

kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18 Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19 Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:

kwaShela: ngumndeni wakwaShela;

kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;

kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21 Amadodana kaPheresi:

kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;

kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22 Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23 Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:

kwaThola: ngumndeni wakwaThola;

kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24 kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;

kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25 Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26 Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:

kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;

kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;

kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27 Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28 Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29 Amadodana kaManase:

kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;

kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30 Lawa angamadodana kaGileyadi:

kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;

kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31 kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;

kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32 kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;

kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33 USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34 Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35 Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:

kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;

kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;

kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36 Lawa angamadodana kaShuthela:

kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38 Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:

kwaBela: ngumndeni wakwaBela;

kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;

kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39 kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;

kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40 Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;

kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;

kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41 Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42 Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:

kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43 Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44 Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:

kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;

kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;

kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45 Kumadodana kaBeriya:

kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;

kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46 Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47 Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48 Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:

kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;

kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49 kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;

kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50 Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51 Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53 “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56 Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57 Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:

kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;

kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;

kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58 Nansi imindeni yamaLevi:

ngumndeni wakwaLibini,

nomndeni wakwaHebroni,

nomndeni wakwaMaheli,

nomndeni wakwaMushi,

nomndeni wakwaKora.

UKohati wazala u-Amramu.

59 Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60 U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61 ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63 Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64 Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.