UJOBE 32

U-Elihu uyaqhamuka

1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:

“Mina ngisemusha ngeminyaka,

nina nibadala;

ngalokho nganginamahloni,

ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,

ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8 Nokho kukhona umoya kumuntu;

ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9 Abakhulu abahlakaniphile,

nabadala abaqondi ukwahlulela.

10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni;

nami ngiyakusho umqondo wami.

11 Bhekani, ngilindele amazwi enu,

ngabeka indlebe emiqondweni yenu,

nisaphenya eniyakukusho.

12 Nganilalela nina;

bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe

nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13 Maningasho ukuthi:

‘Sifumene ukuhlakanipha;

uNkulunkulu angamphengulula,

hhayi umuntu.’

14 Akahlelelanga mina amazwi akhe;

angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15 “Bayakhungatheka, abasaphenduli;

baphelelwa ngamazwi.

16 Ngibalindele yini,

uma bengakhulumi, na?

Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17 Nami ngiyakuphendula okwami,

ngitshengise nami umqondo wami.

18 Ngokuba ngigcwele amazwi;

umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;

kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;

ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu,

ngingathophi nobani.

22 Ngokuba angikwazi ukuthopha;

uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.