U-Elihu uyaqhamuka
1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.
5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:
“Mina ngisemusha ngeminyaka,
nina nibadala;
ngalokho nganginamahloni,
ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,
ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’
8 Nokho kukhona umoya kumuntu;
ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9 Abakhulu abahlakaniphile,
nabadala abaqondi ukwahlulela.
10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni;
nami ngiyakusho umqondo wami.
11 Bhekani, ngilindele amazwi enu,
ngabeka indlebe emiqondweni yenu,
nisaphenya eniyakukusho.
12 Nganilalela nina;
bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe
nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13 Maningasho ukuthi:
‘Sifumene ukuhlakanipha;
uNkulunkulu angamphengulula,
hhayi umuntu.’
14 Akahlelelanga mina amazwi akhe;
angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15 “Bayakhungatheka, abasaphenduli;
baphelelwa ngamazwi.
16 Ngibalindele yini,
uma bengakhulumi, na?
Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17 Nami ngiyakuphendula okwami,
ngitshengise nami umqondo wami.
18 Ngokuba ngigcwele amazwi;
umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;
kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;
ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21 Mangingakhethi ubuso bamuntu,
ngingathophi nobani.
22 Ngokuba angikwazi ukuthopha;
uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.