UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala
1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:
2 “Sengathi nga
nginjengasezinyangeni zakuqala,
njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,
3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,
ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,
lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;
5 lapho uSomandla wabe esenami,
nabantwana bami babe besangizungeza;
6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,
nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.
7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,
ngalungisa isihlalo sami esigcawini,
8 izinsizwa zangibona, zacasha,
nezimpunga zasuka zema,
9 izikhulu zayeka ukukhuluma,
zabeka izandla emilonyeni yazo;
10 izwi labakhulu lathuliswa;
izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.
11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,
nalapho iso langibona, langifakazela.
12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
kanye nentandane engenamsizi.
13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
14 Ngembatha ukulunga,
kwaba yisambatho kimi;
ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.
15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.
16 Nganginguyise wabampofu;
indaba yengingamaziyo ngayiphenya.
17 Ngaphula imihlathi yowonayo,
ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18 “Ngase ngithi:
‘Ngiyakufa esidlekeni sami,
ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.
19 Impande yami iyazivulela amanzi;
amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
20 udumo lwami lusha njalo kimi,
umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’
21 “Abantu bangilalela belinda;
bathula ngesiluleko sami.
22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;
amazwi ami aconsela phezu kwabo.
23 Bangilindela njengemvula;
bangikhamisela imilomo yabo
njengokukhamisela imvula yamuva.
24 Ngabahleka bengenakukholwa;
ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.
25 Uma ngangikhethile izindlela zabo,
ngangiyakuhlala emqoka,
ngahlalisa okwenkosi empini,
njengoduduza abalilayo.