UJOBE 29

UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2 “Sengathi nga

nginjengasezinyangeni zakuqala,

njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,

ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,

lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5 lapho uSomandla wabe esenami,

nabantwana bami babe besangizungeza;

6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,

nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,

ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8 izinsizwa zangibona, zacasha,

nezimpunga zasuka zema,

9 izikhulu zayeka ukukhuluma,

zabeka izandla emilonyeni yazo;

10 izwi labakhulu lathuliswa;

izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,

nalapho iso langibona, langifakazela.

12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo

kanye nentandane engenamsizi.

13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;

ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14 Ngembatha ukulunga,

kwaba yisambatho kimi;

ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16 Nganginguyise wabampofu;

indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17 Ngaphula imihlathi yowonayo,

ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18 “Ngase ngithi:

‘Ngiyakufa esidlekeni sami,

ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19 Impande yami iyazivulela amanzi;

amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

20 udumo lwami lusha njalo kimi,

umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’

21 “Abantu bangilalela belinda;

bathula ngesiluleko sami.

22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;

amazwi ami aconsela phezu kwabo.

23 Bangilindela njengemvula;

bangikhamisela imilomo yabo

njengokukhamisela imvula yamuva.

24 Ngabahleka bengenakukholwa;

ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.

25 Uma ngangikhethile izindlela zabo,

ngangiyakuhlala emqoka,

ngahlalisa okwenkosi empini,

njengoduduza abalilayo.