UJobe uphendula inkulumo yesithathu ka-Elifazi: ukhala ngokubeka indaba yakhe phambi kukaNkulunkulu
1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;
isandla sami siyasinda ngokububula kwami.
3 Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,
ngize ngifike endlini yakhe,
4 ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,
ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5 Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,
ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.
6 Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?
Cha, ubeyakubhekisa kimi.
7 Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,
mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.
8 Kodwa bheka, ngiya empumalanga,
kepha akakho,
nasentshonalanga, kepha angimboni,
9 nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;
ujikela ngaseningizimu,
kepha akabonakali.
10 Ngokuba uyayazi indlela yami;
esengivivinyile,
ngiyakuphuma njengegolide.
11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngigcinile indlela yakhe,
angiphambukanga.
12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;
ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
13 “Kodwa uyinto inye,
ngubani ongambuyisa na?
Okufisayo umphefumulo wakhe,
lokho uyakwenza.
14 Uyakufeza engikumiselweyo;
izinto eziningi ezinjalo zikuye.
15 Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;
lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.
16 NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,
uSomandla ungethusile,
17 ngokuba anginqunywanga,
bungakafiki ubumnyama;
wangifihlela ukuhlwa.