AMAHUBO 6

Umkhuleko wocela umusa ngesikhathi sokuhlupheka

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti.* Ihubo likaDavide.

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,

ungangishayi ngolaka lwakho.

2 Yiba nomusa kimi, Jehova,

ngokuba ngidangele;

ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

3 nomphefumulo wami uyathuthumela,

kepha wena Jehova,

koze kube nini na?

4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,

ungisindise ngenxa yesihawu sakho.

5 Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;

ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6 Ngikhathele ukububula kwami;

ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,

ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

7 Iso lami liyafiphala ngokudabuka;

liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.

8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi,

ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

9 uJehova uzwile ukunxusa kwami,

uJehova uyamukela umkhuleko wami.

10 Zonke izitha zami ziyakujabha,

zishaywe luvalo;

ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.