AMAHUBO 3

Ukukhala kohlushiweyo

Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe.

1 Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.

Baningi abangivukelayo.

2 Baningi abathi emphefumulweni wami:

“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.”Sela*

3 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,

uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

4 Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;

yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele.Sela*

5 Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;

ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6 Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu

abangihaqile nxazonke.

7 Vuka, Jehova,

ungisindise, Nkulunkulu wami,

ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini,

amazinyo ababi uwaphulile.

8 Insindiso ingekaJehova;

isibusiso sakho masibe kubantu bakho.Sela*