AMAHUBO 11

UJehova uyisiphephelo nomvikeli

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Ngiyaphephela kuJehova;

nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi:

“Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

2 Ngokuba bhekani,

ababi bawunsala umnsalo wabo,

babeka imicibisholo yabo entanjeni

ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

3 Nxa izisekelo zidilizwa,

olungileyo angenzani na?”

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele,

uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini;

amehlo akhe ayabuka,

izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

5 UJehova uyamhlola olungileyo;

kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu

umphefumulo wakhe uyamzonda.

6 Unisa izihibe phezu kwababi;

umlilo nesibabule nomoya oshisayo

kuyisabelo sendebe yabo.

7 Ngokuba uJehova ulungile,

uyathanda ukulunga;

oqotho uyakubheka ubuso bakhe.