Ihubo likaDebora noBaraki
1 Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:
2 “Ngokuba abaholi beholile
kwa-Israyeli,
ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,
bongani uJehova.
3 “Yizwani nina makhosi;
bekani indlebe nina zikhulu;
mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,
ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
4 “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,
ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi
umhlaba wazamazama, namazulu aconsa,
yebo, amafu aconsa amanzi.
5 Izintaba zathuthumela ebusweni
bukaJehova,
yebo, nalo iSinayi lelo,
ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
6 “Ezinsukwini zikaShamgari indodana
ka-Anati,
ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;
ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.
7 Abaholi baphela kwa-Israyeli,
banqamuka,
ngaze ngavuka mina Debora,
ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.
8 Bakhetha onkulunkulu abasha;
lapho kwafika impi emasangweni;
kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini
phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
9 Inhliziyo yami ikubabusi
bakwa-Israyeli
abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;
bongani uJehova.
10 “Nina enigibela izimbongolo
ezimhlophe,
nina enihlezi emacansini,
nani enihamba ngendlela, kulandeni.
11 Ekwahlukaniseni impango phakathi
kwemiqengqe yamanzi
balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,
ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;
khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12 “ ‘Vuka, vuka, Debora!
Vuka, vuka, uhube ihubo!
Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,
wena ndodana ka-Abinohama!’
13 “Khona wayenza insali ukuba ibuse
abakhulu;
abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.
14 Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;
emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.
KwaMakiri kwavela ababusi,
kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye
uDebora;
njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;
behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.
Ngaseminonjaneni yakwaRubeni
kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
16 Wahlalelani ezibayeni zezimvu
ukuzwa ikhwelo lemihlambi na?
Ngaseminonjaneni yakwaRubeni
kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
17 UGileyadi wahlala phesheya
kweJordani;
uDani walibalelani emikhunjini na?
U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,
wasala ngasemathekwini akhe.
18 UZebuloni wayengabantu abazidela
kwaze kwaba sekufeni,
uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19 “Amakhosi afika alwa,
alwa amakhosi aseKhanani
eThahanaki ngasemanzini aseMegido;
awathathanga nzuzo yamali.
20 Kwaliwa ezulwini;
izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.
21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula,
umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.
Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22 Khona zadubuza izinselo zamahhashi
ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23 ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi
kaJehova;
‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,
ngokuba abezanga ukumsiza uJehova
ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’
24 “Uyakubusiswa phezu kwabesifazane
uJayeli
umkaHebere umKheni,
abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.
25 Wacela amanzi, wamupha ubisi,
wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.
26 Wafaka isandla sakhe
esikhonkwaneni,
esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;
ngesando wamshaya uSisera,
wadebeza ikhanda lakhe,
yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27 Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,
wawa, walala;
ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;
lapho wakhothama khona, wawela khona efile.
28 “Wabheka efasiteleni, wamemeza,
unina kaSisera wathi eheleni:
‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?
Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’
29 Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula,
yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:
30 ‘Angithi batholile babelana impango?
Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye;
kuSisera impango yezingubo ezinemibala,
impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo;
izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo
zaba yimpango.’
31 “Mazibhubhe kanjalo zonke izitha
zakho, Jehova;
kepha abamthandayo mababe njengelanga,
lapho liphuma ngamandla alo.”
Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.