2 USAMUWELI 22

Ihubo lokubonga kukaDavide

1 UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2 wathi:

“UJehova uyidwala lami,

nenqaba yami, nomkhululi wami;

3 uNkulunkulu uyidwala lami

engiphephela kulo,

nesihlangu sami,

nophondo lokusindiswa kwami,

inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;

msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4 Ngiyamemeza kuJehova

odumisekayo,

ngisindiswe ezitheni zami.

5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa;

izikhukhula zokona zangethusa.

6 Izintambo zasendaweni yabafileyo

zangizungeza,

izihibe zokufa zangehlela.

7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza

uJehova,

ngakhala kuNkulunkulu wami;

walizwa izwi lami esethempelini lakhe;

ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8 “Umhlaba wawusuzamazama,

wadikizela;

izisekelo zezulu zathuthumela,

zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,

nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;

amalahle avutha kuye.

10 Wathobisa izulu, wehla;

ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11 Wakhwela phezu kwekherubi,*

wandiza;

wabonwa emaphikweni omoya.

12 Wenza ubumnyama bube

ngamadokodo amphahlayo,

amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe

kwavuthiswa amalahle omlilo.

14 UJehova waduma ezulwini;

oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15 Wathuma imicibisholo,

wabangquzula,

yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16 Kwase kubonakala imisinga yamanzi;

izisekelo zomhlaba zambulwa

ngesijeziso sikaJehova,

ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17 Waselula isandla sakhe ephezulu,

wangibamba;

wangikhipha emanzini amaningi.

18 Wangophula esitheni sami

esinamandla

nakubo abangizondayo,

ngokuba base bengahlulile.

19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme

sami,

kepha uJehova waba yinsika yami.

20 Wangiphumisela endaweni ebanzi:

wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21 “UJehova wangivuza ngokokulunga

kwami;

wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22 Ngokuba ngizigcinile izindlela

zikaJehova;

angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23 Ngokuba yonke imithetho yakhe

yayiphambi kwami,

nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24 Ngangiphelele kuye;

ngabuxwaya ububi.

25 UJehova wayesebuyisela kimi

njengokulunga kwami,

njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26 “Kothembekileyo uyazibonakalisa

ethembekile;

kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27 kohlanzekileyo uyazibonakalisa

ehlanzekile;

koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28 Uyasindisa abantu abathobekileyo,

kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29 Ngokuba wena uyisibani sami,

Jehova;

uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;

ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31 Indlela kaNkulunkulu iphelele;

izwi likaJehova lihlanzekile;

yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu

ngaphandle kukaJehova,

ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33 UNkulunkulu uyangibhincisa

amandla;

uyenza indlela yami ilunge,

34 yena owenza izinyawo zami zibe

njengezendluzelekazi,

angimise emagqumeni ami;

35 ofundisa izandla zami ukulwa,

ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36 Wena unginikile isihlangu sensindiso

yakho;

ubumnene bakho bungikhulisile.

37 Amabanga okunyathela kwami

uwandisile;

amaqakala ami awaxegi.

38 “Ngazixosha izitha zami, ngazifica;

angibuyanga ngingakaziqedi.

39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze

zahluleka ukuvuka;

zawa phansi kwezinyawo zami.

40 Wangibhincisa amandla okulwa;

ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41 Wangifulathelisela izitha zami,

nabangizondayo ngabaqothula.

42 Bakhala, kepha akubangakho

osindisayo,

nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43 Ngabacolisisa njengothuli

lomhlabathi;

ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44 “Wangikhulula ezimpini zabantu

bami;

wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;

abantu engingabaziyo bangikhonza.

45 Abafo bazithoba phansi kwami;

banele ukungizwa nje ngendlebe,

base bengilalela.

46 Abafo babuna,

baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47 “UJehova usekhona malidunyiswe

idwala lami;

makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48 uNkulunkulu onginikile impindiselo,

wathobisa izizwe phansi kwami;

49 ongikhiphile ezitheni zami,

wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,

wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50 Ngalokho-ke ngizakukubonga

phakathi kwabezizwe, Jehova,

ngilihubele igama lakho.

51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini

yakhe;

uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide

nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”