Ukuhlanjululwa kweJerusalema
1 “Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.
2 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.
3 Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.
4 “Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;
5 kepha uyakuthi: ‘Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.’
6 Uma sekuthiwa kuye: ‘Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na?’ uyakuthi: ‘Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami.’
Umalusi wamanga
7 “Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami,
uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti.
“Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu,
bese ngiphendulela abancane isandla sami.
8 Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova,
“kunqunywe izinxenye ezimbili kulo,
zibhubhe,
kusale eyesithathu kulo.
9 Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni,
ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva,
ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide;
bayakubiza igama lami,
ngibaphendule,
ngithi: ‘Bangabantu bami;’
base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”