UZAKARIYA 10

UJehova ungumsizi oqinisileyo

1 Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva,

uJehova owenza imibani,

abesebanika izihlambi zemvula,

yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

2 Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize,

nababhuli babone okungamanga;

bakhuluma amaphupho angelutho,

baduduza ngeze;

ngalokho bayasuka njengezimvu,

bathotshisiwe,

ngokuba kungekho umalusi.

3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi;

ngiyakujezisa izimpongo,

ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe,

indlu yakwaJuda,

abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,

kuyena isikhonkwane,

kuyena umnsalo wempi,

kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5 Bayakuba njengamaqhawe

anyathela udaka ezitaladini ekulweni;

bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,

nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6 “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,

ngisindise indlu yakwaJosefa,

ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,

babe kungathi angizange ngibalahle,

ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

ngiyakubezwa.

7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;

inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;

abantwana babo bayakukubona, bathokoze;

inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8 Ngiyakubahlabela ikhwelo,

ngibabuthe,

ngokuba ngibahlengile;

bayakwanda njengalokho kade banda.

9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,

bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,

baphile kanye nabantwana babo,

babuye.

10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,

ngibabuthe e-Asiriya,

ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,

abayikutholelwa indawo.

11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,

kushaywe amaza olwandle,

nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,

kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,

isuke intonga yaseGibithe.

12 Ngiyakubaqinisa kuJehova,

bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.