Konke kunesikhathi sakho
1 Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
2 Kukhona isikhathi sokuzalwa
nesikhathi sokufa,
isikhathi sokutshala
nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
3 isikhathi sokubulala
nesikhathi sokuphilisa,
isikhathi sokudiliza
nesikhathi sokwakha;
4 isikhathi sokukhala
nesikhathi sokuhleka,
isikhathi sokulila
nesikhathi sokusina;
5 isikhathi sokuphonsa amatshe
nesikhathi sokuqoqa amatshe,
isikhathi sokugona
nesikhathi sokungagoni;
6 isikhathi sokufuna
nesikhathi sokulahlekelwa,
isikhathi sokugcina
nesikhathi sokuhlahla;
7 isikhathi sokuklebhula
nesikhathi sokuthunga,
isikhathi sokuthula
nesikhathi sokukhuluma;
8 isikhathi sokuthanda
nesikhathi sokuzonda,
isikhathi sokulwa
nesikhathi sokuzola.
9 Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?
10 Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
11 Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.
13 Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
15 Lokhu okukhona yikho okwakukhona,
nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;
uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
Umuntu ufana nezilwane
16 Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
17 Ngase ngithi enhliziyweni yami:
“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,
ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke
nesemisebenzi yonke.”
18 Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.
20 Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
21 Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”
22 Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?