UMIKA 3

Ukusolwa kwabaholi ababi

1 Ngathi:

“Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe,

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi:

Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

2 nina enizonda okuhle,

nithanda okubi,

enebula kubo isikhumba sabo,

nenyama yabo emathanjeni abo,

3 enidla inyama yabantu bami,

nihlinza kubo isikhumba sabo,

naphula amathambo abo,

yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini

nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

4 Khona bayakukhala kuJehova,

kepha akayikubaphendula;

uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi

ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.

5 Usho kanje uJehova:

“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,

abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,

bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’

nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.

6 Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,

kuhlwe kini, ningabe nisabhula;

ilanga liyakushonela abaprofethi,

usuku lube mnyama phezu kwabo.

7 Ababoni bayakuba namahloni,

ababhuli bayangaze;

bayakumboza amadevu abo bonke,

ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova

ngokulunga nangobuqhawe

ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,

u-Israyeli izono zakhe.

9 Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli

eninengwa ngukwahlulelwa,

nihlanekezela konke ukulunga,

10 enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

11 elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,

nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,

nelibaprofethi balo babhula ngemali,

bencike nokho kuJehova, bethi:

“UJehova akaphakathi kwethu na?”

Asiyikwehlelwa ngokubi.

12 Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,

iJerusalema libe yincithakalo,

intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.