UMIKA 2

Ukuxwayiswa kwabacindezeli

1 Wo! kwabaceba ububi,

benze okubi emibhedeni yabo!

Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,

ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2 Bafisa amasimu, bawadluzule,

nezindlu, bazisuse;

bacindezela indoda nendlu yayo,

umuntu nefa lakhe.

3 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,

eningayikukhipha kukho izintamo zenu;

futhi ningahambi ngokuzidla,

ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,

bakhale isililo, bathi:

‘Sichithiwe nokuchithwa;

isabelo sabantu bami sinikwa omunye;

yeka ukubuya kwakhe kimi;

abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5 Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho

ebandleni likaJehova.

6 “Ningaprofethi,” baprofetha,

basho njalo,

“ningaprofethi ngalokho;

ihlazo aliyikusifica.”

7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,

ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;

yizenzo zakhe lezi na?

“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8 Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;

nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,

befulathele ukulwa.

9 Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,

nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10 Sukumani nihambe,

ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;

ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11 Uma bekuhambahamba umuntu

okhuluma umoya nje namanga, athi:

‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’

ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;

ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;

ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,

njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,

kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13 Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;

sebefohlile, badlulela esangweni,

baphuma ngalo;

inkosi yabo idlulile phambi kwabo,

noJehova usesihlokweni sabo.”