U-ISAYA 62

Ukusindiswa kwendodakazi yaseSiyoni ekuthunjweni

1 Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula,

nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula,

ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya

nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.

2 Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho,

namakhosi onke inkazimulo yakho;

uyakubizwa ngegama elisha

eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.

3 Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova,

neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.

4 Awusayikuthiwa Oshiyiweyo,

nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo,

kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye,

nezwe lakini ngokuthi Oganileyo,

ngokuba uJehova uyathokoza ngawe,

nezwe lakini lendile.

5 Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi,

kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe;

nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe

uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.

6 Ngimisile abalindi

phezu kwezingange zakho, Jerusalema;

abayikuthula nakanye imini nobusuku;

nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,

7 futhi ningamniki ukuphumula,

aze akhe iJerusalema,

alibeke libe yindumiso emhlabeni.

8 UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene

nangengalo yamandla akhe, wathi:

“Impela angisayikuzinika izitha zakho

amabele akho abe ngukudla kwazo;

abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,

9 kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla,

bamdumise uJehova,

nabaliqoqileyo bayakuliphuza

emagcekeni endlu yami engcwele.”

10 Phumani, niphume ngamasango,

niyilungise indlela yabantu;

hlelani, niwuhlele umendo,

niwakhiphe amatshe;

niphakamisele izizwe ibhanela.*

11 Bhekani, uJehova uyezwakala

kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi:

“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi:

‘Bheka, insindiso yakho iyeza.

Bheka, umvuzo wakhe unawo,

nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”

12 Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele,

abahlengiweyo bakaJehova;

wena uyakuthiwa Ofuniweyo,

uMuzi Ongashiyiwe.