U-ISAYA 56

Ukusindiswa kungokwabezizwe

1 Usho kanje uJehova, uthi:

“Gcinani ukwahlulela,

nenze ukulunga,

ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,

nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,

nendodana yomuntu ebambelela kukho,

ogcina isabatha engaloni,

osibamba isandla sakhe

ukuba singenzi nakuphi okubi.”

3 Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova

mayingasho ukuthi:

“Impela uJehova uyakungahlukanisa

nabantu bakhe,”

nomthenwa angathi:

“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4 Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:

“Abagcina amasabatha ami,

nabakhetha engikuthandayo,

nababambelela esivumelwaneni sami

5 bona ngiyakubanika endlini yami

naphakathi kwezingange zami

isikhumbuzo negama elihle

kunamadodana namadodakazi;

ngiyakubanika igama eliphakade,

elingayikunqunywa.

6 Nabezizwe abazihlanganisa noJehova

ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova

ukuba babe yizinceku zakhe

bonke abaligcina isabatha, bangaloni,

nababambelela esivumelwaneni sami,

7 yebo, nabo ngiyakubayisa

entabeni yami engcwele,

ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;

iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo

iyakwamukeleka e-altare lami,

ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi

indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”

8 INkosi uJehova

ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:

“Ngisezakubuthela kuye nabanye

ngaphandle kwabase bebuthiwe.”

U-Israyeli wonakele

9 Nonke nina zilwane zasendle,

wozani nidle,

nonke nina zilwane zasehlathini.

10 Bonke abalindi bayizimpumputhe,

abanakwazi;

bonke bayizinja eziyizimungulu,

abakwazi ukukhonkotha,

balala bephupha,

bathanda ukozela.

11 Yebo, bayizinja ezihahayo,

abakwazi ukusutha;

yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,

baphendukela bonke ezindleleni zabo,

kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,

bonke kanyekanye.

12 Wozani, ngiyakuletha iwayini,

sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;

nengomuso liyakuba njenganamuhla,

libe likhulu kakhulu.