U-ISAYA 52

1 Vuka, vuka,

wembathe amandla akho, Siyoni,

uzigqoke izingubo zakho ezinhle,

Jerusalema, muzi ongcwele,

ngokuba akusayikungena kuwe

ongasokile nongcolileyo.

2 Zithintithe uthuli,

usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;

zikhulule eziboshweni zentamo yakho

wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

3 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Nathengiswa ngento engelutho;

niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”

4 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

Abantu bami behlela kuqala eGibithe

ukuba bagogobale khona;

i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.

5 “Manje nginantoni lapha,” usho uJehova,

“lapho abantu bami besusiwe ngeze na?

Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova,

“negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.

6 Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami;

ngalokho bayakuqonda ngalolo suku

ukuthi yimi engikhulumileyo;

bhekani, ngilapha.”

7 Zimnandi kangakanani ezintabeni

izinyawo zoletha izindaba ezinhle,

nomemezela ukuthula,

obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,

oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:

“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”

8 Izwi labalindi bakho,

bayaliphakamisa izwi,

bajabule kanyekanye,

ngokuba bayakubona iso neso,

lapho uJehova ebuyela eSiyoni.

9 Qhumukani ngokuhlabelela,

nihlabelele kanyekanye,

nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,

ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,

ulihlengile iJerusalema.

10 UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele

emehlweni ezizwe zonke,

namajukujuku onke omhlaba

ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.

11 Mukani, mukani, niphume lapha,

ningathinti okungcolileyo,

niphume phakathi kwalo, nizihlambulule

nina eniphatha izitsha zikaJehova.

12 Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,

ningahambi ngokubaleka,

ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,

noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.

Ukuhlupheka kwenceku

13 Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;

iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.

14 Njengalokhu abaningi bamangala ngayo

ubuso bayo babonakele kunobabantu,

nesimo sayo kunesamadodana abantu

15 kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;

amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,

ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,

nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.