U-ISAYA 47

Ukuwa kweBabele

1 “Yehla, uhlale othulini wena ntombi,

ndodakazi yaseBabele,

uhlale emhlabathini,

kungekho sihlalo sobukhosi,

wena ndodakazi yamaKaledi,

ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile

nokuthi uyatetema.

2 Thatha amatshe okugaya,

ugaye impuphu,

uyisuse imvakazi yakho,

uwukhumule umhushuzo wakho,

wambule umlenze, uwele imifula.

3 Ubuze bakho buyakwambulwa,

yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;

ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.

4 Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,

oNgcwele ka-Israyeli.

5 “Hlala uzithulele,

ungene ebumnyameni,

wena ndodakazi yamaKaledi,

ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

6 Ngabathukuthelela abantu bami,

ngalingcolisa ifa lami,

ngalinikela esandleni sakho;

awubahawukelanga,

walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu

phezu kwabadala.

7 Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’

Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,

awukhumbulanga ukugcina kwazo.

8 “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,

ohlala ulondekile,

othi enhliziweni yakho:

Yimi, akakho omunye;

angiyikuhlalisa okomfelokazi,

nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

9 Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe

ngokuphazima kweso ngalusuku lunye,

ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi

kufike phezu kwakho ngokugcweleyo

phakathi kobuningi bamalumbo akho,

nobuningi beziphonso zakho.

10 Wethembile ebubini bakho, wathi:

‘Akakho ongibonayo.’

Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;

wathi enhliziyweni yakho:

‘Yimi, akakho omunye.’

11 Kepha ububi buyakukwehlela,

awuyikwazi lapho buvela khona;

nengozi iyakuwela phezu kwakho,

awuyikuba namandla okuyichezukisa,

incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,

ungazi.

12 “Yima manje neziphonso zakho

nobuningi bamalumbo akho

okhandlekile kukho kwasebusheni bakho;

mhlawumbe uyakusizakala,

mhlawumbe uyakubanga uvalo.

13 Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;

mabasukume, bakusindise abadabula izulu,

nababheka izinkanyezi,

nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi

kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.

14 Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,

abayikuzophula emandleni elangabi;

akusilo ilahle lokotha,

akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

15 Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,

zihambisene nawe kwasebusheni bakho;

seziyakuzulazula,

kube yileyo naleyo ngendlela yayo,

ekusindisayo ingabikho.