Ukuwa kweBabele
1 “Yehla, uhlale othulini wena ntombi,
ndodakazi yaseBabele,
uhlale emhlabathini,
kungekho sihlalo sobukhosi,
wena ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile
nokuthi uyatetema.
2 Thatha amatshe okugaya,
ugaye impuphu,
uyisuse imvakazi yakho,
uwukhumule umhushuzo wakho,
wambule umlenze, uwele imifula.
3 Ubuze bakho buyakwambulwa,
yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;
ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.
4 Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,
oNgcwele ka-Israyeli.
5 “Hlala uzithulele,
ungene ebumnyameni,
wena ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.
6 Ngabathukuthelela abantu bami,
ngalingcolisa ifa lami,
ngalinikela esandleni sakho;
awubahawukelanga,
walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu
phezu kwabadala.
7 Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’
Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,
awukhumbulanga ukugcina kwazo.
8 “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,
ohlala ulondekile,
othi enhliziweni yakho:
Yimi, akakho omunye;
angiyikuhlalisa okomfelokazi,
nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
9 Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe
ngokuphazima kweso ngalusuku lunye,
ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi
kufike phezu kwakho ngokugcweleyo
phakathi kobuningi bamalumbo akho,
nobuningi beziphonso zakho.
10 Wethembile ebubini bakho, wathi:
‘Akakho ongibonayo.’
Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;
wathi enhliziyweni yakho:
‘Yimi, akakho omunye.’
11 Kepha ububi buyakukwehlela,
awuyikwazi lapho buvela khona;
nengozi iyakuwela phezu kwakho,
awuyikuba namandla okuyichezukisa,
incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,
ungazi.
12 “Yima manje neziphonso zakho
nobuningi bamalumbo akho
okhandlekile kukho kwasebusheni bakho;
mhlawumbe uyakusizakala,
mhlawumbe uyakubanga uvalo.
13 Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;
mabasukume, bakusindise abadabula izulu,
nababheka izinkanyezi,
nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi
kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.
14 Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,
abayikuzophula emandleni elangabi;
akusilo ilahle lokotha,
akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
15 Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,
zihambisene nawe kwasebusheni bakho;
seziyakuzulazula,
kube yileyo naleyo ngendlela yayo,
ekusindisayo ingabikho.